Umqhudelwano wokuhloniphauShenge uza nokusha nonyaka

IPRINCE Mangosuthu Legacy Cup 2024, ezobanjwa ihlandla lesihlanu nonyaka, iqhamuke nohlelo olusha lokulolonga abadlali bamantombazana abaneminyaka ephakathi kwe-10 kuya ku-18. Lo mqhudelwano wethulwe kuleli sonto eThekwini ngaphansi kwentende kaMasipala wesiFunda saseZululand, kanti amaqembu azodudulana ngoMgqibelo ozayo ePrince Mangosuthu Regional Stadium, eLundi.

UMeya kaMasipala, uKhansela Michael Khumalo, ngesikhathi ethula lo mqhudelwano, uthe kuyintokozo ukuwenza ngosuku uMntwana waKwaPhindangene, owedlule nyakenye, ebengabe egubha iminyaka engu-96. Uqhube wathi lo mncintiswano wenzelwa ukuhlonipha uShenge ngeqhaza lakhe ekuthuthukiseni impilo yabantu abangama-Afrika.

“Angingabazi ukuthi lapho ekhona uShenge uyajabula ukubona lo mncintiswano uqhubeka, udonsa izihlwele zabathandi bebhola abasuka kude naseduze. Ngijabule kakhulu nangohlelo lokulolonga abadlali bamantombazana abavela ezikoleni ezingaphansi kukaMasipala wethu. Sifuna ukubona laba bantwana bedlondlobala baze babe ngabadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho uMntungwa.

Ukuqeqeshwa kwabadlali bamantombazana kuzokwenziwa ngoLwesihlanu.

UJohn Maduka, umqeqeshi weRoyal AM, okuyiyona engompetha balo mqhudelwano, uthe iqembu lakhe lizimisele ukuvikela isicoco salo. “Njengabaphathi besicoco, sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuvikela isicoco sethu. Siyazi ukuthi umdlalo wethu neRichards Bay FC uzobe unzima,” kusho uMaduka.

UMeya uKhumalo uthe, ngaphandle kweRoyal AM neRichards Bay FC, abanye abazobe bengxabanweni yesicoco yiNsingizini Hotspurs yaseSwatini nekilabhu yesine ezomenyezelwa maduzane.

Amathikithi awu-R40 lilinye aseyatholakala ezitolo zakwaSPAR.

Isheduli yemidlalo:

  • 09:00 – Royal AM vs Richards Bay FC
  • 12:00 – Kaizer Chiefs Legends vs KZN Legends
  • 15:30 – Umdlalo wamanqamu
ABABAMBISENE indebe nguMnu Mntomuhle Khawula, owuNgqongqoshe wezemiDlalo, ezobuCiko
namaSiko kwesokunxele noMnu Michael Khumalo onguMeya kaMasipala wesiFunda saseZululand.
Abanye kusukela kwesokunxeLe nguBrandon Truter ongumqeqeshi weRichards Bay FC, nguJohn
Maduka oqeqesha iRoyal AM, u-Alexio Sigion oqeqesha iNsingizini Hotspurs noMfu Musa Zondi,
owuNgqongqoshe wokuThuthukiswa kwezoMnotho, ezokuVakasja nezeMvelo KwaZulu-Natal.

UKHANSELA Daphne Memela onguSomlomo kaMaspala wesiFunda saseZululand.

UDERRICK Spencer owumdlali weKaizer Chiefs Legends.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *