BEKUYINJABULO Yodwa ngesikhathi imindeni ewu-12 efanelekile inikezwa imizi emisha. Abayishumi kwabahlomulile bayingxenye yesigaba sokugcina sohlelo lwezindlu lwaKwaXimba, okwenza isibalo sezindlu eseziphothuliwe kulesi sigaba sokuqala sibe wu-2 000. Eminye imindeni emibili eyasala denganwe ngenxa yezinhlekelele, nayo iye yathola imizi ngalolu suku.
Umndeni wakwaMkhize, ohlanganisa ugogo, indodakazi yakhe nabazukulu abathathu, ubuchichima injabulo ngesikhathi uthola okhiye bekhaya labo elisha. Lo mndeni ubuhlala endlini yodaka eyacekeleka phansi yaphela ezinhlekeleleni. Ekhulumela umndeni, uNgenzeni Mkhize oneminyaka ewu-42 uthe babonga abaphezi.
“Sijabule kakhulu futhi lolu wukusuku esingeke salukhohlwa. Sithole okungaphezu kwalokho ebesikucabanga. Sijabulela nodonga olukuvimbela ukuguguleka komhlabathi oluzoqinisekisa ukuphepha kwethu uma kunezinhlekelele. Impilo yethu isishintshile. Sibonga kakhulu kuhulumeni obakhathalelayo abantu bawo,” usho kanje.
Nasekhaya likaDudu Ndlovu oneminyaka ewu-73 bekungesifanayo njengoba naye ejabule kakhulu ngesikhathi ebona ikhaya lakhe. Uphinde wathola nevawusha yasesitolo sakwaBoxer.
“Ngizizwa sengathi ngiyaphupha. Ngiye ngabuzisisa ukuthi ngabe akuwumdlalo yini lona. Ngiyabonga kinina nonke, sengathi uNkulunkulu anganibusisa nonke!” kusho uNdlovu.
UKhansela Thembo Ntuli wakuWadi 1, ophinde abe nguSihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela kuMasipala, wuyena obehola lo mcimbi. Ubesebenzisana nabamele uPhiko lwezokuHlaliswa kwaBantu kuMasipala ne-Komidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela.
Bonke abahlomulile baphinde bathola nezipho zegilosa, abanye banikezwa amavawusha asesitolo sakwaBoxer. Indlu ngayinye inamagumbi amabili okulala, ikhishi, igumbi lokugezela nendawo yokuhlala. Lezi zindlu zinogesi kanti kweminye imizi kwakhiwe nezindonga zokuvimbela ukuguguleka komhlabathi ngemuva kokuba kuhlolwe indawo ekuyona. Lokhu kuzovimbela ukucekeleka phansi kwalezi zindlu ezinhlekeleleni ezizayo.
UKhansela uNtuli uthe ukuthola izindlu kwale mindeni kuhambisana nombono kaMasipala wokuthi kushaye u-2023 iTheku libe seliyiDolobha elinakekelayo futhi okuhlaleka kangcono kulona e-Afrika yonke. “Ukuphothulwa kwezindlu eziwu-10 zokugcina esigabeni sokuqala sohlelo lwezindlu laKwaXimba kuyigxathu elibaluleke kakhulu,” kusho uKhansela Ntuli. “Manje sesizogxila esigabeni sesibili esizokwakha kusona ezinye izindlu eziwu-4 000. Sizibophezele ngokwenza ngcono impilo yezakhamizi nokuqinisekisa ukuthuthuka kwemiphakathi.”
Ukuphumelela kwalolu hlelo kukhombisa ukuzinikela kukaMasipala weTheku, hhayi nje ekuhlinzekeni ngezidingo zezindlu kuphela kodwa nasekwakheni imiphakathi eqinile, ekwazi ukumelana nezidingo zezizukulwane ezizayo.

yohlelo lwezindlu lwaKwaXimba.