Inkampani egaya amathayi isigayeayisigidi

INKAMPANI egaya amathayi abe yimvuthu bese kwenziwa ngayo imikhiqizo enhlobonhlobo ewusizo emikhakheni eminingi yempilo, isihlanganise isibalo samathayi ayisigidi (million) esiwagayile. Le nkampani, iMathe Group ezinze eHammarsdale, okuyindawo ephakathi kweTheku noMgungundlovu, ithi ukube izwe alizange livalwe ngenxa yesifo iCovid 19 ngabe kade yafinyelela kulesi sibalo esiwumlando. Imininingwane ethunyelelwe leli phephandaba ithi lesi sibalo kasiwona umlando eNingizimu Afrika kuphela kodwa kuhlanganisa nomhlaba wonke emkhakheni wezinto eziguqulwa sezilahliwe zenziwe izinto eziwusizo (Recycled). Kule minyaka eyi-9 le nkampani ikhona isihlabane ngezindondo ezinhlobo nhlobo kwezokunakekelwa kwemvelo.

Esikhathini samanje emhlabeni jikelele kuyaziwa ukuthi isihloko esidingidwa kakhulu ngesokuvikelwa kwemvelo ukuthi ingonakali kakhulu ngenxa yokusebenza kwezimboni ezahlukahlukene ekukhiqizeni imikhiqizo ehlukene. Kuthiwa iMathe Group ithola lezi zindondo ngenxa yokuguqula “udoti” ongabe ungcolisa umhlaba yona iwuguqule ube yinto ewusizo ezweni.

Phakathi kwezinto ezakhiwa yiMathe Group ngala mathayi amadala nasuke esegayiwe, yimikhiqizo esebenza ezakhiweni ezinjengamabhilidi amakhulu, ekwakhiweni komata, ekwenzeni kahle ingaphakathi lezindlu lapho kunyathela khona abantu. Iyenziwa futhi nemikhiqizo efana nomata abasetshenziswa emajimini. Nezinto ezisebenza ezimotweni ziyakhiqizwa ngemvuthu yethayi. Le femu iyaqhubeka nocwaningo lwemikhiqizo emisha engenziwa edinga injoloba yamathayi asegayiwe aba yimvuthu.

UDkt Mehran Zarrebini, oyiChief Executive Officer (CEO) yeMathe Group, ungusomabhizinisi odabuka eNgilandi ofike kuleli wathenga inkampani eyayaziwa kakhulu ngokuthi yiseKhaphethi, okuyinkampani iVan Dyck. Eminyakeni eminingi edlule le nkampani yaseKhaphethi izinze endaweni ebhekene nehostela iGlebelands. Lo somabhizinisi uthenge inkampani iMathe Group eyayinze eNew Germany ngasePinetown, isenabasebenzi abawu-20 kuphela. Uyisusile eNew Germany wayiyisa lapho isikhona manje eHammarsdale, lapho seyikhule kangangoba isisetshenziselwa ngabantu abawu-135.

Uhlobo lwamathayi agaywa yiMathe Group yilawa ezimoto ezinkulu ohlobo lweRadial. Ngosuku olulodwa kugaywa amathayi awu-700. La mathayi akhiqiza injoloba engamathani (Tons) awu-30. Ingxenye ewu-70% iba yinjoloba kuthi u-30% kube wucingo. Lolu cingo luthunyelwa emazweni aphesheya. IMathe Group isebenzisa lo-70% ekwakheni imikhiqizo enhlobonhlobo. Ngesikhathi sokuloba kubikwe ukuthi le nkampani ilindele imishini emisha ezokwenza kuqhanyukwe nemikhiqizo ewuhlobo olusha.

UDKT Mehran Zarrebini, oyi-CEO yeMathe Group, uthathwe nabanumzane uCyril Khumalo, uSithembiso Sishi noMlungisi Madonsela. Phambi kwabo yizinhlobo eziningi zemikhiqizo eyenziwa ngmathayi asuke esegayiwe aba yimvuthu kwakhishwa nezincingo. Emva kwabo ngamathayi alindele ukusetshenzwa.
YILONA cingo lolu, oluthintwe wuDkt Zarrebini, oluphuma emathayini.
IMVUTHU yethayi eseligayiwe igcwele isaka. UDKT Mehran Zarrebini uphethe enye ngendishi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *