KUBOSHWE izigilamkhuba ezimbili ezigamekweni ezimbili ezahlukene zintshontsha impahla kaMaspala waseThekwini kule nyanga. Esinye salezi zigilamkhuba sibanjwe oqotsheni. Kumiswe emsebenzini izigilamkhuba ezine.
Esigamekweni sokuqala, kubanjwe oqotsheni isigilamkhuba simoma udizili elolini elinentandane ethwala amanzi eReservoir Hills enyakatho yeTheku. Le ndoda ibanjwa intshontsha udizili nje, emsebenzini bekaziwa ukuthi iselivini. Leli loli ebimoma udizili walo bekwaziwa ukuthi alikho liyokhandwa ithayi. Le ndoda ivele enkantolo yaphuma ngebheyili.
Esehlakalweni sesibili, kuboshwe umshayeli weloli ngesikhathi yena nabanye abasebenzi abane bebanjwa emva kokufaka itiyela emzini othize okuJabu Ndlovu Road eVerulam enyakatho yeTheku. Laba basebenzi abane bacele empunzini ngesikhathi bebona abengalo yomthetho. Umshayeli weloli ebelilayishe itiyela uboshiwe. Naye uvele enkantolo yaseVerulam waphuma ngebheyili.
Kwenzeka lezi zehlakalo zakamuva nje, kuboshwe abanye abasebenzi bakaMasipala weTheku abayisithupha kulandela ukubanjwa kwabo behamba ngeloli elilayishe itiyela eNanda ngoNovember nyakenye. Ngesikhathi becelwa ukuthi mabaveze incwadi yakaMaspala eshoyo ukuthi leli tiyela lihanjiswa ngokusemthethweni endaweni esemthethweni, laba basebenzi behlulekile ukuvela le ncwadi, kwabe ziyabakhalela njalo izinsimbi. Bamisiwe emsebenzini emva kokuboshwa kwabo.
UMnuz Jimmy Ngcobo oyinhloko yophiko lukaMaspala weTheku oluphenya ngezenkohlakalo nezobugebengu, iCity Integrity and Investigations Unit (CIIU), ukushayele ihlombe ukuboshwa kwazo zonke lezi zigilamkhuba. Uncome omunye wabasebenzi ngokuluma indlebe abe-CIIU, wathi lo umsebenzi uyisibonakaliso somsebenzi oqotho.
Ephawula ngalaba ababanjwe emva kokufaka itiyela emzini waseVerulam, uMnu Ngcobo uthe: “Ngokwemibiko etholakele, laba ababanjwe befaka itiyela egcekeni lomuzi waseVerulam bebekwenza bephindelela lokhu. Ngeke sivume ukuthi kwenzeke le nkohlakalo nalokhu kweba emsebenzini.”
Ephawula ngalona obanjwe oqotsheni emoma udizili, uMnu Ngcobo uthe: “UMaspala ulahlekelwa yizigidi ngokwebiwa kukadizili. Uphenyo lwethu luveze ukuthi lo mkhuba usudonse iminyaka emibili wenzeka. Lesi sigilamkhuba sidayisa lo dizili ngo-R13 ilitha, okuyimali engaphansi kakhulu kwentengo yelitha likadizili.” Wexwayise ukuthi uma bekhona nabanye abasebenzi bakaMaspala abacwile enkohlakalweni, nabo bazobanjwa.

ezibekwe phansi.

lomuzi thizeni eVerulam. Uboshiwe umshayeli
walo babaleka abane asebenza nabo kwaMaspala.
Bonke sebemisiwe emsebenzini
