UKUBE iyacelwa i-“encore” enkonzweni, ngabe ngayicela. I-“encore” yayicelwa enkonzweni yokufihla uMbhishobhi uMutsi, eyenziwe emagcekeni omuzi wakhe eNtlenzi e-Eastern Cape. Ibhendi ye-St John’s Apostolic Faith Mission yaseSouthern Africa, esuka eChibini, yashaya ngamandla esikhathini sobumnandi. Kwaba sobala ukuthi le bhendi, evela eClermont (Mispa) eKwaZulu-Natal, yayifuna ukukhombisa ukuthi umbhishobhi uMutsi waba negalelo elikhulu kuleli bandla elizinze eMispa iminyaka eminingi.

U-Afikile Tshona, exoxa ngale nkonzo, uthe abantu baseNtlenzi basale bekhuluma ngobukhulu balo mngcwabo. “Abantu basale bemangala. Phela, uyakhumbula ukuthi ibhendi iyisiqala ukufika kule ndawo, abantu babone okuthile abebengakaze babone futhi bajabula ukubona ukuthi uTata ubewumuntu obalulekile enkonzweni.”

UMama Bishop Masango wachaza ukuthi uBaba Mutsi wayengomunye wamalunga okuqala ebhendi eyasungulwa nguMama Masango. Wayedlala icilongo elikhulu, iBaritone, futhi wasebenza nabantu abafana noBaba Mgudlwa, uBaba Senaoana, uBaba Bhengu noBaba Mchunu. Waqhakambisa kakhulu ukubaluleka kwenhlonipho enkonzweni, futhi wathembeka kakhulu kuboBhrofida, esebenza eduze kukaBaba Matsoso.
Ikhono lakhe kwezomculo lamveza njengendodana yaseWeseli, ngoba uma ecula, wonke umuntu wayezwa ngenxa yesipika esinamandla. Ngisho nabaqhubi bamaTaxi eClermont babehlale bebuzwa ukuthi lo mfundisi ocula kamnandi uya kuphi. Abefundisi abaphuma esandleni sakhe babevuthiwe emsebenzini wakhe, edlula ngisho abanye ababhishobhi. Uthando lwakhe kuboBhrofida nenkonzo lwaze lwaphela ngokuthula.

UBaba uLanga waseShowe wathi: “UBaba Mutsi ubeyindoda enesibindi nokukholwa okujulile. Wayebathanda abaBhrofida waze wadela nomuzi wakhe ukuze abakhonze kuze kube sekugcineni. Besinaye e-Althare, sibathathu – mina, uBaba uGatsheni, kanye naye.” Waqhubeka wathi: “Umculo wakhe obegijima ngeTenor yakhe emnandi ubeshaya kakhulu.”
UBaba uNtshangase wanezela ukuthi uBaba Mutsi wayehlale ezinikele futhi ebathanda abaBhrofida. Wathi: “Sithi uBabu’Mutsi akathokoze ngokuthula, usebenzile.”

ngu-Archbishop Mjekula kwesokunxele
noMbhishobhi Madiba.
UBaba uLinda waveza ukuthi uBaba Mutsi ubenothando olungaguquki kuboBhrofida, uBaba Masango noMme Anna, futhi wethembeke endleleni yabo kwaze kwaba sekugcineni.

uhlelo ngobunyoninco.

elanda ngoBaba uMutsi.