Be kuhelezwa umoya wendumiso ngesikhathi ikhwaya entsha, i-eThekwini Gospel Music Crescendos, yethulwa ngokusemthethweni. Umcimbi wokuqalisa le khwaya ubuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngomhla ka-28 Juni.
Izingoma zendumiso ezivusa umoya zishiye izethameli zomcimbi zifuna impinda kulaba baculi. Le khwaya yakhiwe ngabaculi abawu-27, abebeyingxenye yamahemuhemu amakhulu abantu abasha abebengenele inhlolokhono yokuba yingxenye yale khwaya.
IBamba leNhloko yoPhiko lwezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko, uDkt Zakhi Mkhize, uthe ikhono elikhonjiswe yilaba baculi lihlabeke umxhwele. “Ngijabule ukuzwa lawa maphimbo amtoti nethalente lomculo elikhonjiswe yile ntsha,” kusho yena.
Uthe uhlelo lokuqeqeshwa kwale khwaya lwabaculi abanamava lwenze ukuba abangenele lo mqhudelwano baqeqeshwe kahle, beziqeqesha ukuze bakhombise amakhono abo. “Ukusebenza ngokuzikhandla nokuqeqeshwa kwabangenele lo mncintiswano kuthele izithelo ezinhle. Bonke banekhono elimangazayo,” kwengeza uMkhize.
I-eThekwini Gospel Music Crescendos ingezinye zezinhlelo zikaMasipala zokuthuthukisa ithalente lendawo. USthabile Shandu waseNanda ungelinye lamalungu ale khwaya. “Ngibonga uMasipala weTheku ngaleli thuba elihle kangaka. Ngiyethemba ukuthi umphakathi uzoqhubeka nokuseseka ohambweni lwethu,” usho kanje.