ISIKHUMBUZO sabaZali, u-Archbishop Dkt. PJ Masango noMme Anna Masango ebesihambisana nokubungazwa nokubusiswa kwasebethweswe iminyezane yasemayunivesithi, kube sezingeni eliphakeme ebandleni iSt John’s Apostolic Faith Mission of Southern Africa, elaziwa ngokuthi yiseChibini, eClermont emasontweni ambalwa edlule. Njengokwejwayelekile, lo mcimbi ombaxambili, udonse amakholwa abesuka kuyo yonke iNingizimu Afrika okuhlanganisa izindawo ezigqagqene kakhulu njengeCape Town neLimpopo. Kanti isibalo sabeminyezane yeziqu zemfundo besenyuke kakhulu uma siqhathaniswa nesango-2024. Inhloso enkulu yokubungazwa nokubusiswa kwabeminyezane yeziqu zemfundo wukufaka ugqozi kubafundi abasemaHigh School ukuthi nabo bazimisele Kukhunjulwe abaZali kwabungazwa ekufundeni bagogode. Intokazi ebiqhamuka eHluhluwe, enyakatho neKwaZulu-Natal, ithe ayingabazi ukuthi isibusiso esithole kulo mcimbi siyisebenzele. “Esontweni elilandela ukuya kwami kulo mcimbi waseClermont ngiqale emsebenzini omusha kanti bekusanda kuphela iContract yomunye,” kusho le ntokazi. UMama Bishobhi Masango obethula inkulumo yosuku, weluleke abeminyezane wathi kubalulekile ukuthi baqhubeke nokufunda izinto ezintsha emisebenzini abaqashwe kuyo ukuze bangasali ngemuva. “Esikhathini samanje izinto zithuthuka ngokushesha ngenxa yeThekhnoloji. Sekukhona nabo-AI (Artificial Intelligence) okusho ukuthi kufanele ukuthi umuntu aqhubeke nokuzithuthukisa ngaso sonke isikhathi,” kusho uMama Bishobhi. Unxuse nokuthi kufundwe nemisebenzi yezandla ukuze ingabi bikho ingozi yokweswela umsebenzi uma umuntu eneziqu kodwa engawutholi umsebenzi.





Reggie Nzuza noMnu Sboniso “Bhomu” Ndlovu.

