Babheme bakholwakwindumezuluyeFestivalkaMaskandie hekwini

IDILI lomculo kaMaskandi, iMpucuzeko Maskandi Festival, lidonse izihlwele ezingaphezu kuka-25,000 eMoses Mabhida People’s Park eThekwini ngempelasonto edlule. Ngaphezu kwalokhu, amabhizinisi angaphezu kwangu-50 ahlomule ngenxa yezihlwele ebezithenga ngezinga eliphezulu, kusho uGugu Sisilana, okhulumela uMasipala waseThekwini.

ABACULI besifazane bakaMaskandi bangene ngeshodi elinzima kulo mkhakha futhi bashaya into

Ukusekelwa Kwamasiko NoMaskandi
UNks. Sisilana uthe uMasipala uzibophezele ekuqhubekeni nokweseka amaciko asafufusa ngezinsiza-mali kanye nokuwanika ithuba lokushiyelana isiteji namaciko asevele aziwayo. Lona bekungunyaka we-11 lo mcimbi uqhutshwa, futhi usudume kangangokuthi usubizwa nge-“World Cup kaMaskanda” ngenxa yezihlwele ezivela kuzo zonke izingxenye zeNingizimu Afrika.

Abaculi Abenze Umlando
Abaculi abathe babamba iqhaza kule festival babalwa uGatsheni, uStabhilithi, uMzukulu, uKhuzani, uSminoff, uNtencane, Amageza Amahle, uMlabalaba, uSdoni noSgwebo seNtambo. Bekukhona noNtethelelo “Gandaganda” Buthelezi, ohola iqembu lezintokazi elibizwa ngo-Omelisizwe, elizinze eMpangeni.

Ingoma Yokubonga UMasipala
Iqembu u-Omelisizwe likhiphe ingoma ethile ebishayela uMasipala ihlombe ngokweseka abaculi bakaMaskandi nokuxhasa le festival, eqhubeka ikhula minyaka yonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *