Kuzoqedwa maduze ukulungiswakomgwaqo nebhuloho eNanda

SEKUZOPHOTHULWA ukulungiswa komgwaqo u-A3822, kuWadi 108, eNanda. Amathimba abasebenzi bakaMasipala weTheku asaqhubeka nomsebenzi wokubuyisela isimo kwesejwayelekile ngemuva kwezikhukhula ezishiye kukhalwa kule ndawo.

UNjiniyela woHlelo, u-Okuhle Luthuli, uthe umsebenzi wokulungisa kulindeleke ukuthi uphothulwe ekupheleni kukaJulayi.

Kulindeleke ukuba kuphothulwe maduzane ukwakhiwa komgwaqo
u-A3822 nebhuloho.

“Sihlala sihlola ukuqhubeka komsebenzi ukuze siqinisekise ukuthi konke kuhamba kahle. Sekufakwe izindonga ezinhlangothini zombili futhi namatshe avimba ukuguguleka komhlabathi. Izakhamizi nazo ziqashwe emsebenzini. Njengamanje, sizophothula umsebenzi osekhona ngaphezulu,” kusho uLuthuli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *