IZICEBI ezidumile zaseNingizimu Afrika, uMnu Irvin Khoza noNks Shauwn MaMkhize Mpisana abangabanikazi bamakilabhu ebhola i-Orlando Pirates neRoyal AM noMnu Max Mqadi umnikazi wendawo yezentokozo eMlazi, iMax Lifestyle, bahlanganyele nomndeni namalunga omphakathi enkonzweni yomngcwabo kaNkk Nomampondo Madlala ongumama weLamontville Golden Arrows ephethwe yindodakazi yakhe uNks Mato Madlala ebisesontweni laseWeseli eLamontville ngenyanga eyedlule.
UNkk Madlala, obevame ukubizwa ngemfudumalo ngalo elikaNomampondo, usebenze iminyaka eminingi ewumhlengikazi esibhedlela eKing Edward eThekwini lapho omama abaningi baseLamontville bebesizakala khona ngezingane zabo uma zigula. Ezinkundleni zokuxhumana, labomama ozingane zabo njengamanje sezineminyaka yobudala engaphansana nangaphezudlwana kwewu-40, bebencoma bencomile impatho enhle ababeyithola kuMama Nomampondo nango”potsho” ayebasiza ngawo ukuze bangahlali amahora amaningi belindile kulayini.
Kanti uMnu Bheki Cele, osondelene kakhulu nomndeni wakwaMadlala nokunguyena owukhulumele enkonzweni, uqhakambise iqhaza elibanjwe nguMama Nomampondo emzabalazweni wenkululeko yeNingizimu Afrika. “Igama lakhe likhona ohlwini lwabantu ababe nesandla ekutholeni kwethu inkululeko,” kusho uNdosi obehamba nesphalaphala sikankosikazi wakhe uMaNgcobo.
Eqhuba uthe: “Ngesikhathi ngiphuma ngiya kwi-exile nguyena muntu wokugcina engamtshela, saguqa sathandaza. Kanti nagesikhathi sengibuya kwi-exile nguyena muntu wokuqala engaya kuyena, nalapho futhi sathandaza, wabonga ukuthi ngibuye ngiphila.”

UNdosi uyiqhakambisile eyokuthi uMama Nomampondo ubengene shi enkonzweni yakhe yaseWeseli. Ukushilo futhi ukuthi ubewumuntu ongabhedelwa, obekunenebula ngamazwi akushiye umabokoboko kodwa futhi uma senibonana ngakusasa leso siwombe sibe yinto esidlulile “Uma efuna ukukubeka endaweni yakho ubekucangcatha ngamazwi angabi nandaba ukuthi uwubani, akucangcathe uqonde ngqo njengothi lomkhonto. Wayenolimi oluqosheme. Wayengawafuni amagama, wayekubiza ngalelo gama elifikayo, asho leyo nto ayishoyo ngaleso skhathi ayisho ngaso. Therefore kwakufanele uzilungise ukuze ungajikijelwa ngalawo magama, kube uwena owenza izindlela zakho ziqonde,” usho kanje uMagaye.
Ukugcizelele futhi nokuthi le nkonzo yokuphelezela uMama uMadlala kakusiyo eyokukhala nokudangala kephe ngeyokunanela nokugubha “Celebrate” impilo yakhe. Ayethusanga-ke inala yomculo, nomnyakazo onesizotha obekukhona. Ingoma ibishaywa ihambisane nesigubhu nensimbi kunyakaze yonke indlu ngisho nabefundisi imbala ePulpiti.

zikaMama uNomampondo kundodakazi wakhe uMato.
Ukuba lena bekungesiyo inkonzo yomngcwabo sineqiniso ngokuthi uMaMkhize, uKhoza noMqadi bebezosukuma nabo banyakaze. Badalulwe yizicathulo zabo, zemali eshisisiwe, ebezilokhu ziya phezulu naphansi kuhle kwezicathulo zabathandi beJazz. Namalungu ebandla awuqhakambisile umfutho uMama uNomampondo abenawo ezintweni zebandla, nekhono abenalo ekuxazululeni izimo ezazibonakala zibophile.
UMufi, oshone emva kokugula isikhathi eside, ushiye amadodakazi uPinky, uMato nabazukulu. Ufhlwe emathuneni aseLamontville aziwa ngelithi eSithebeni ethuneni linye nomyeni wakhe uMadlala owayedume ngelika”Merika.”