Abezemfundo bebehuqaubuthongo yonke le minyaka ewu-30

Ngenyanga edlule, uDkt Blade Nzimande, uNgqongqoshe kaZwelonke wezeMfundo ePhakeme, ezeSayensi nezokuSungulwa Kwezinto eziNtsha (Innovation), uthe uzokhuluma noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ukuze kusungulwe umkhakha wezemfundo ogxila ezifundweni zemisebenzi yezandla, okuyi-Vocational Stream. Lokhu wakusho ngesikhathi ethula inkulumo kuvulwa igatsha laseBalfour, leGert Sibande TVET College eMpumalanga emasontweni ambalwa edlule.

Inkulumo kaDkt Nzimande, ebikwe ezindabeni zeTV, yashesha ukudala ukushaqeka. Lokhu kungoba sekuthathe iminyaka engu-30 ukuze kuvele umbono wokubaluleka kwezemfundo egxile ekuqeqeshelweni imisebenzi, enikeza abafundi amathuba emisebenzi noma amabhizinisi azosiza ukukhulisa amathuba omsebenzi ezweni.

UDkt Nzimande uveze ukuthi lokhu kusekelwe yisibonelo saseGermany, lapho ingxenye enkulu yentsha eyisikoleni ithatha izifundo ezihlose ukubenza bakwazi ukuqashwa kalula noma basungule amabhizinisi abo. Yingakho iGermany yaziwa njengomnotho oholayo eYurophu, ngenxa yokukhiqizwa kwemikhiqizo ekhaya, njengemoto ezidumile ezifana neVW, Audi, BMW, neMercedes Benz. Kanti futhi, iGermany ikhiqiza imikhiqizo yezemidlalo efana ne-Adidas.

UNKK Angie Motshekga.

UDkt Nzimande uthe ukube uHulumeni wakuleli ubengasebenzi kade, elaseMzansi alinazo izinkinga ezinkulu kangaka zokushoda kwemisebenzi. Uma ifriji lingaphuka, ngabe kulungiswa yintsha yakuleli, esikhundleni sokuthi ngisebenzise insizwa yaseZimbabwe efundele lo msebenzi ezingeni lemfundo eyisisekelo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *